Bajabule kakhulu abalandeli bomculo kaMaskandi kulandela ukubonakala kuka Shwi no Mtekhala behlangene emcimbini
UShwi Mantombazane usechaze ukuthi akukaze kube khona ukuxabana phakathi kwakhe noMtekhala, ephendula imibuzo yabalandeli ngemva kokubonakala kwabo behlangene emcimbini wakamuva.
Uthe ubudlelwano babo buhle, kanti lokho okwakubhekwa njengokungaboni ngaso linye kwakuyizindaba nje ezasakazeka ngaphandle kweqiniso. Ukubonakala kwabo ndawonye kuthokozise kakhulu abalandeli bomculo kaMaskandi, abaningi abanethemba lokuthi bangaphinde basebenze ndawonye esikhathini esizayo
Abalandeli bomculo kaMaskandi bajabule kakhulu kulandela ukubonakala kukaShwi noMtekhala behlangene emcimbini kaMtekhala, lapho abethula khona i-albhamu yakhe entsha ethi #Inkunzi_Emavava eMahlathini Park, eVosloorus.

Abalandeli baveze ukuthi kungabajabulisa kakhulu ukubona iqembu likaShwi noMtekhala liphinde libuyele esiteji, mhlawumbe ngo-2026, njengoba leli qembu linefa elikhulu emculweni wesintu futhi lisathandwa kakhulu nanamuhla.
