AMABHINCA ATHI NOMAKANJANI “UYONCENGWA UNYOKO” KA MAFIKIZOLO IZOTHATHA I-SONG OF THE YEAR KA-2025🔥🎶
Kuyavela manje ukuthi Isizwe samabhinca sesingene emkhankasweni ngamandla! Bathi ayikho enye ingoma ezothatha isicoco emsakazweni-Ukhozi FM ngaphandle kuka Umafikizolo ngehit ethi “Uyoncengwa Unyoko.”
UMafikizolo, umculi oneminyaka engu-24 ubudala odabuka eMnambithi, uKhethukuthula Mhlongo, usethathe izwe lonke ngesivunguvungu! Ukukhula kwakhe emculweni kaMaskandi kuyamangalisa, eminyakeni embalwa nje esendimeni sekuye kwaholela ekutheni abe phakathi kwamabhuku amakhulu kakhulu kule ndima yomculo.
Le ngoma yakhe isiphenduke iculo lesizwe! Idlalwa kuzo zonke izindawo — kuTikTok, kuFacebook, kuRadio, emakhumbini, nasemicimbini emikhulu. Kukhala “Uyoncengwa Unyoko” njengoba wonke umuntu ezizwa ekhangwa umlayezo wayo.
SEKUYISIKHATHI SOKUVOTA!🙌🔥
Uma ufuna le ngoma izibekisele umlando futhi ithole isicoco sango-2025, shesha uvote manje!
**➡️ SMSA: INGOMA F UYONCENGWA UNYOKO UMAFIKIZOLO
➡️ KU: 32259**
📌 ISMS ibiza R1.50 – Kunemigomo nemibandela.

NGOMHLAKA 31 DECEMBER 2025 – SIVALA UNYAKA! 🎉
Ukhozi FM lizodlala ingoma ehlukanisa unyaka ngomhaka-31 December 2025. Ake sizwakalise amandla omculo wethu, futhi sihloniphe umculi osakhula kodwa osevele enza umlando endimeni kaMaskandi — Umafikizolo!

Masivote sonke! Siphakamise Amandla kaMaskandi! 🔥🎶
#Umafikizolo #UyoncengwaUnyoko #UkhoziFMTop10 #IngomaEhlukanisaUnyaka
