Ukhozi FM Lunikezele Ngokusemthethweni Imoto ye-VW Polo TSI ku Umafikizolo
Umsakazo Ukhozi FM neBlack Mobile banikezele ngokusemthethweni namuhla imoto yohlobo lwe-VW Polo TSI kumculi kamaskandi Umafikizolo, ngemuva kokuba edle umhlanganiso emncintiswaneni wengoma ehlukanisa unyaka ka-2025.
Umafikizolo unqobe kulo mncintiswano ngengoma yakhe eshisa izikhotha ethi **Uyoncengwa Unyoko**, ehlale phezulu ezinhlelweni zomsakazo yaze yathandwa kakhulu yathandwa abalaleli emsakazweni Ukhozi FM nase zweni lonke.
Umcimbi wokunikezelwa kwemoto ububanjelwe ezakhiweni zomsakazo Ukhozi FM eThekwini , lapho abaphathi bomasakazo baveze khona ukujabula nokwazisa umsebenzi oncomekayo kukaUmafikizolo emculweni kamaskandi. Bathe lo mncintiswano uhlose ukukhuthaza, ukuveza nokweseka amaciko enza kahle kuleli.
Ekutholeni kwakhe imoto, Umafikizolo uzwakalise ukubonga okukhulu kuUkhozi FM, kubalandeli bakhe kanye nakubo bonke abavotele ingoma yakhe. Uthe lokhu kuwumphumela wokusebenza kanzima nokwesekwa abelokhu ekuthola kubalandeli bakhe kusukela ekuqaleni komsebenzi wakhe.
“Ngibonga kakhulu Ukhozi FM nabalaleli bonke. Le moto izongisiza kakhulu futhi ingikhuthaza ukuthi ngiqhubeke nokwenza umculo omuhle nokuhlonipha isiko lethu,” kusho yena.
Ukunikezelwa kwale moto kubonakale kuyisikhuthazo esikhulu kwamanye amaciko kamaskandi, kukhombisa ukuthi umsebenzi onzima, ithalente nokwesekwa umphakathi kungavulela amathuba amakhulu empumelelo embonini yezomculo.

