Uhulumeni Kumele Abhekelele Abantu Bakuleli Kuqala” – kusho uPhakelumthakathi Ndabandaba

Uulumeni Kumele Abhekelele Abantu Bakuleli Kuqala” – kusho uPhakelumthakathi Ndabandaba

UPhakelumthakathi Ndabandaba, uthi uhulumeni kufanele ugxile ekubhekeleleni abantu bakuleli ngaphambi kokubhekana nezidingo zabokufika.

Ekhuluma ngesikhathi sombhikisho ohlelwe yinhlangano iMarch And March eThekwini namuhla, uNdabandaba uthe lo mkhankaso usuhlanganise unyaka wasungulwa ngenhloso yokukhumbuza uhulumeni ukuthi abantu bakuleli yibona abayizingane zakhe ezidinga ukunakekelwa.

Uthe bazoqhubeka nokuphakamisa lezi zindaba nokushumayela “ivangeli” labo kuze kube yilapho uhulumeni elizwa futhi ethatha izinyathelo.

Inhlangano iMarch And March yasungulwa nguJacinta Ngobese-Zuma ngenhloso yokulwisana nabokufika kuleli ngokungemthetho, kanye nokugqugquzela ukuthi izakhamuzi zaseNingizimu Afrika zibe phambili ezinhlelweni zikahulumeni.

Lombhikisho uyingxenye yomkhankaso oqhubekayo wokucindezela uhulumeni ukuthi athathe izinyathelo eziqinile mayelana nenkinga yabokufika abangekho emthethweni kuleli.

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *